Kwesatshelwa ukubhubhidlwa komunye R25 billion

News

By Malcolm Hlongwane

Ngenkathi omasipala abaningi eNingizimu Afrika besazikhotha amanxeba emva kokuba ihhovisi likamngcini mafa libancishe imali ngenxa yokungazisebenzisi kahle. Ihhovisi lika Mgcinimafa selithokozele ukuphumelela kwesicelo semboleko mali elinganiselwa kwizigidigidi ezingamashimi amabili nanhlanu ( R25 billion) ekuka kwi Bhange Lomhlaba.

Lezizikhalo zivele kwizinhlangano ezingenzi inzuzo kanye nezabasebenzi nethe lemali izobhubhudlwa njengenye ikakhulukazi lena ye COVID 19 eyaphelela obala kungabonakali ukuthi yenzeni.

Ethokozela lemali ungqongqoshe weZezimali uMnz Enock Godongwane uthe lemali izosiza kakhulu iNingizimu Africa njengoba izosetshenziswa ekuqhubeni umsebenzi wokwakha ingqala sizinda kumandla kagesi, ezokuthutha nemigwaqo nokusatshalaliswa kwamanzi.

Kuthiwa utshalo lwalemali lizovula amathuba emisebe abalelwa kwi -600 000 nalapho intsha ibhekeleke kakhulu ukuthi ihlomule. Noma kukuhle kodwa izikhalo zisami njalo njengoba abantu bethi izibhubhudlwa iphele umsebenzi ingawenzile.

email: Malcolm@onenews.co.za