Amafilimu e-Umlazi International Film Festival azobukwa eSuncoast Casino Cinemas

Entertainment

Umlazi International Film Festival izoba nombungazo wonyaka wesihlanu, njengoba lombungazo uba minyaka yonke. Kulonyaka uzoba mhlazane zingama 23 kuya zingama 28 kuNovemba, eMangosuthu University of Technology (MUT).

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu (CEO) kule nhlangano uMnz Michael Ngema, kulonyaka bathole abaxhasi abahlukahlukene okubalwa, Durban Film Office, KwaZulu Natal Tourism, National Video and Film Foundation (NVF), Mangosuthu University of Technology (MUT) kanye ne Durban University of Technology (DUT). Lombungazo kubikwa ukuthi uvule amathuba emisebenzi kubantu abevile kwi-150.

Ukuthuthuka kwalombungazo kudlulele ekusungulweni kwe Creative Resource Centre, eMlazi High School nezocija amaciko ngamakhono nokubala, ukufundiswa kwezingane ukusebenzisa ikhamera, ukubhala amafilimu, ukukhiqiza amafilimu esuselwa ezincwadini. Le Resource Centre ixhaswe ngabakwa Stained Glass TV nedidiyeyelwa ngu Nksz Gugu Zuma Ncube nongomunye ozoba isikhulumi.

Nonyaka ama filimu e-Umlazi Film Festival azoboniswa eSuncoast CasinoCinema nokuyigxathu elikhulu lokuthuthuka, njengoba futhi ukuwabuka kuzobe kubiza R100 ithikithi.

Umongameli walenhlangano uMnz Sandile Dlamini, nowaduma kakhulu kumdlalo kamabona kude Imbewu, nowabe edlala indawo kamfundisi omkhulu “uShongololo” uthe, kuyinjabulo ukuthi bona eMlazi sebekwaze ukukhiqiza Telenovel efana naleyo yaKwaMashu Uzalo. Yona eyabo abazigqaja ngayo ithi “Egagasini” nedlala kumabonakude kusihlwa. Kulombungazo ozoba ngoNovemba uzoba nochungechunge lwezinto okubalwa ukubukwa kwamafilimi mahhala ukuqeqeshwa kwamaciko kwezama filimu njalo njalo.

What do you feel about this post?

100%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry