
I-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ihalalisela iMeya yaseMngeni, uChris Pappas, ngokuphinde yagcina umasipala waseMngeni ngaphansi kobuholi be-DA.Namuhla, singasho ngokuzethemba ukuthi sizohola lo masipala ngenani lamavoti elingaphezu kuka-60%, lisuka ku-48% esalithola eminyakeni emihlanu edlule. Sizoqhubeka nezinhlelo zethu zokuletha izidingo nezinsiza kubo bonke abantu abahlala eMngeni.
Ngonyaka ka-2021, abavoti baseMngeni bathemba i-DA ukuthi ihole lo masipala, iningi layo lilincane kakhulu futhi inezihlalo eziningi ngesihlalo esisodwa kuphela. Sabeka ithemba lethu kuMeya uChris Pappas, iPhini lakhe uSandile Mnikathi kanye nethimba lakhe loKhansela.
I-DA noChris babewuqonda kahle umsebenzi ababewunikiwe: Ukuhlinzeka ngezidingo nezinsiza kubo bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi noma ukuthi bahola malini.
Eminyakeni emihlanu edlule, basebenze ngokuzikhandla okukhulu ukuguqula lo masipala, owawubhekene nokuqothuka kwezimali, inkohlakalo kanye nokwehluleka ukunikeza abantu izidingo nezinsiza ngendlela efanele.
Lona bekungewona umsebenzi olula, kodwa bawamukela ngokuzimisela, ngomdlandla nangentshisekelo. Okubaluleke kakhulu ukuthi bakwazile ukufeza izithembiso zabo ezazisencwadini yezinqubomgomo nezithembiso ze-DA (Manifesto).
IMeya uPappas nethimba lakhe benze konke okusemandleni abo, ngisho nalapho bebhekene nokuphikiswa yiminyango kahulumeni wesifundazwe, ukuze benze uMngeni usebenzele bonke abantu.
Emawadini amane asemalokishini alo masipala, lapho bonke abantu abangabahlali bengabantu abansundu, i-DA inqobe kuwo wonke amawadi ngamavoti amaningi kakhulu.
Sizoqhubeka nomsebenzi wethu wokuhlinzeka ngezidingo nezinsiza kubo bonke abantu abahlala emalokishini, ezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni anezindawo zokuhlala ezihleleke kahle. UMasipala waseMngeni uzoqhubeka nokuba yisibani sethemba KwaZulu-Natal.
I-DA KwaZulu-Natal ibonga bonke abantu baseMngeni ngokuphinde basinika igunya lokubaphatha. Siyakubonga ukuzinikela nokuzikhandla okukhulu kwethimba lethu lomkhankaso elinamalungu angaphezu kuka-600, kanye nabo bonke abangenele ukhetho, abasebenze ubusuku nemini ukuze kuzuzwe lo mphumela.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
