
Ibhodi elibhalisa osomabhizini emkhakheni wezokwakha i-Construction Industry Development Board (CIDB) isisuse ehlwini layo osomabhizinisi abasohlweni abangabakhi abangamashumi ayisikhombisa namhlanu (75).
Lelibhodi libasusa nje labosomabhizini, kungenxa yokuthi kutholakale ukuthi banyusa izigaba zabo (Grades) ngokusebenzisa amaphepha omgunyathi. Okubalwa izitatimende zasemabhange aqinisekisa inani limsebenzi asebewenzile.
Ngokusho kokhulumela uMnyango weZemisebenzi kahulumeni, neNgqalasizinda KwaZulu-Natali, uMnz Lenox Mabaso uthe, lomkhuba wenza osonkontileka bangawuqedi umsebenzi ngenxa yokuthi abanawo amava okwenza umsebenzi esigabeni abaqamba amanga ngaso.
Uqhube wathi umnyango wabo okuyiwo ophethe u-CIDB , angeke ugcine ngokubakhipha ohlwini losomabhizinisi abasemthethweni kodwa bazobavulela amacala okukhwabanisa nokunkonkothela amaphepha.
Kuvele nokuthi nenkampani kasomabhizinisi waseZimbambwe uMnz Lawrence Mudzinganyama nowaduma ngokusabisa abesifazane ehhotela eGoli , i-Moriel Infrastructure Group ikulawo mabhizinisi athola isigaba esikhukulu kuCIDB ngokunkonkothela amaphepha. Lelibhizini lalinethenda enkulu elayithola kwa SANRAL. Lisusiwe nalo ohlwini lwezinkampani ezibhaliswe kwa CIDB.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
