
Osomabhizinisi abebedayisa emgwaqeni ngaphansi kwezimo ezibucayi benethwa yizimvula bedliwa ngamakhaza ebusika bedayisa ukuze bondle imindeni yabo bajabule kwavela elomhlathi kuvulwa indawo ephephile yokudayisela ebizwa ngokuthi i-Lucky Mngwengwe Traders Precinct.
Lezizakhiwo zokudayisela ezinamagumbi angama-75, amakhontena angama-23 okubeka izimpahla kanye namatafula angama-52 okudayisela, ivulwe endaweni yakwaMcoyi elokishini lase Mpumalanga. Lendawo ibizwa ngegama likababa kaNomfundo Mcoyi ongusomabhizinisi njengoyise. Yena ungumnikazi weCebolethu Funeral Service eselidlondlobele umhlaba wonke.
Ukwakhiwa kwalendawo kudle izigidigidi ngokusho kokhulumela ikomidi lezomnotho kumkhandlu weTheku uMnz Thembo Ntuli. Lendawo izoba nabezokuvikela abazimele isikhathi esingamahora ayishu nane nsuku zonke.
Iqanjwe ngesishoshovu sezepolitiki nesaba ikhansela kulendawo izihlandla ezintathu okusho ukuthi iminyaka engaphezu kweshumi, uMnz Lucky Nhanhla Nngwengwe nowabe elwela kakhulu ukuthuthuka kwalendawo kwezomnotho.
Ngenkathi esaphila uMnz Mngwengwe kwakhiwa isigcini mlando namafa (Museum eMpumalanga) kwaphinda kwakhiwa nenxanxathela yezitolo ebizwa nge Hammarsdale Junction. Ilawa magalelo akhe enze lendawo yokuwheba ehlanzekile nephephile.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
