
By Malcolm Hlongwane
Ibhodi le-Comrades Marathon Association (CMA) limemezele ukuthi selinqamule ngokusemthethweni ubudlelwano balo ne-Athletics South Africa (ASA) kanye ne-KwaZulu-Natal Athletics (KZNA), kulandela umhlangano ophuthumayo obubanjwe ngoMgqibelo.
Lesi sinqumo siza ngesikhathi iComrades Marathon ilungiselela ukugubha iminyaka eyikhulu yasungulwa ngo-2027, okuyisigameko esizobe siyingqophamlando emjahweni odume umhlaba wonke.
Ngokwesitatimende sebhodi le-CMA, ubudlelwano buqediwe ngenxa yokuthi izinhlangano zombili azisenabo ubuholi obuqotho nobuzinzile. Ibhodi lithi zombili lezi zinhlangano zibhekene nezinkinga zobuholi njengoba omongameli bazo besamisiwe emsebenzini ngenxa yezinsolo ezahlukene.
Umongameli we-ASA, uJames Moloi, usamisiwe emsebenzini kusalindwe ukuqedwa kohlelo lwezigwegwe olubhekene naye. Kanti umongameli we-KZNA naye ubhekene nezinsolo ezihlanganisa ukushaya umgijimi nokuletha isithunzi esibi enhlanganweni.

I-CMA iphinde yaveza ukukhathazeka ngezinsolo zokuthi kukhona abazama ukungenelela ezimalini zenhlangano ngenhloso yokuzihlomulisa, okungase kugcine sekuphuca abagijimi izinzuzo zabo.
Naphezu kokunqamuka kobudlelwano, i-CMA iqinisekise ukuthi abagijimi basazoqhubeka nokuthola izimvume zokugijima ezikhishwa yi-KZNA njengoba kudingwa yimithetho yezokusubatha. Nokho, ithe zonke ezinye izinhlelo zokuphatha umjaho zizophathwa yi-CMA ngokuzimela, njengoba yenze eminyakeni eminingi edlule, njengoba iqhubeka namalungiselelo okugubha iminyaka eyi-100 yeComrades Marathon ngo-2027.
email: Malcolm@onenews.co.za
