Bazocijwa amakhono okuthunga kwaSithebe

News

By Malcolm Hlongwane

Inkampani esanda kunwetshwa ezinze eMandeni endaweni ekuthiwa ikwaSithebe Industrial.Estate okuyi Argento Trading 117cc yethule uhlelo oluyigqayizivele olubizwa ngokuthi Isithebe Skills Development Programme.

Loluhlelo lubheke ekuqeqesheni abantu baseMandeni namaphethe kumakhono okuthunga besebenzisa imishini emikhulu esetshenziswa rmafemini. Kuzokhumbuleka ukuthi imboni yezendwangu neyokuthunga ibikade idliwe kakhulu ukuqashwa kwabokufika nababonakale bethatha emithwalo behamba ngenxa yokungenelela kwe March and March.

Sike sabika ukuthi ngenkathi ibhodi le Ithala Development Finance Corporation lihambele izimboni eziqashe kwizakhiwo zalo kuvelile ukuthi abaqashi bakhala ngokuthi abaseNingizimu Afrika abanawo amakhono okuthunga. Loluhlelo luzoba impendulo kulengqinamba.Njengoba loluhlelo luqala nje sekunabantu abayi 140 asebeqashwe kulefemu nokuyinto enhle kakhulu kubeka iMeya yase Mandeni uMnz Thabani Nyawose.

Lefumi ikhiqiza izimpahla zokugqola zenkampani okuyi Mr Price Sport nezinye ezisebenzisa izinto zokugqoka zokuphepha okuyi Hesto

email: Malcolm@onenews.co.za