OSOMATEKISI NABASHAYELI BAHLAMUKA ISIMO SE-SANTACO NGODABA LWE-MARCH AND MARCH

News

NguMalcolm Hlongwane

ETHEKWINI – Kukhona ukungezwani okuqhubeka nokukhula embonini yamatekisi kulandela isitatimende esikhishwe yiSouth African National Taxi Council (SANTACO) esizihlukanise nomkhankaso weMarch and March ohlelelwe umhla zingama-30 kuNhlangulana 2026.

Lokhu kulandela amazwi kaMengameli weSANTACO, uMnu Abner Tsebe, oveze ehambisana namaphoyisa ukuthi inhlangano yabo ayihambisani nezinhloso zeMarch and March.

Nokho, abanye babanikazi bamatekisi eThekwini bathi abavumelani nalesi sinqumo futhi bazimisele ukweseka lo mkhankaso. Bathi iSANTACO ayibathengelanga amatekisi futhi ayinalo ilungelo lokubavimbela ukuveza imibono yabo ngezindaba ezithinta izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

“Amatekisi siwathenge ngemali yethu. Siyabahlonipha abaholi bemboni kodwa asikwazi ukuphoqwa ukuthi sivumelane nesinqumo esingasimele. Siyahambisana neMarch and March odabeni lwabantu abangekho emthethweni kuleli,” kusho omunye umnikazi wetekisi.

Nabashayeli bamatekisi bazwakalise ukungagculiseki kwabo ngesimo seSANTACO, besola abaholi bayo ngokungazazi izinselelo ezibhekene nemiphakathi empofu.

“Abaholi bakhuluma kanjena ngoba bona azibathinti izinkinga esibhekana nazo nsuku zonke. Izingane zabo zifunda ezikoleni ezizimele futhi zisebenzisa imitholampilo yangasese, kuyilapho umphakathi ubhekene nokuminyana kwezinsiza zomphakathi,” kusho omunye umshayeli.

Le mpi yemibono ngaphakathi embonini yamatekisi ikhombisa ukuhlukana okukhona naseNingizimu Afrika mayelana nodaba lwabantu bokufika. Kukhona abasekela izinyathelo eziqinile kubantu abangekho emthethweni kuleli, kanti abanye baxwayisa ngokuthi le nkulumo ingadala ukungezwani emphakathini.

Njengoba kusondela umhla zingama-30 kuNhlangulana, kulindeleke ukuthi kube nokushuba kwemibono njengoba izinhlangothi ezahlukene ziqhubeka nokubeka obala izimvo zazo ngalolu daba olushisa izikhotha ezweni.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry