
Inhlangano engenzinzuzo i-Aids Healthcare Foundation (AHF) ibungaze iminyaka engamashumi nahlanu yasungulwa (25). Lenhlangano yenza umsebenzi omkhulu wokusabalalisa imishanguzo yesifo sengculazi mahhala, iphinde futhi isabalalise imishanguzo yokuzivikele ukuthi abangaka naleligciwane bakwazi ukuzivikela ukuthi bangasuleleki ngokuthi basebenzise uPrep. Lenhlangano isebenza eNingizimu Afrika kanye nakumazwe asezansi ne Afrika (SADC).
Lomcimbi wandulela umhlangano weZongqongqoshe beZempilo bamazwe asezansi neAfrika (SADC) region nozobanjelwa khona eThekwini kusukela mhlaka 11 kuya kumhlaka 14 Novemba. Ekhuluma ne One News Network uDokotela Martin Matabishi noyisikhulu esiphezulu kwi AFH uthe inkinga yesandulelanguculazi nengculazi uqobo ethinta wonke umuntu eNingizimu Afrika kanye nase Afrika yonkana, njengoba lamazwe engenazo izimboni zokukhiqiza imishanguzo.
Amazwe amaningi ase Afrika achitha imali eningi ethenga imishanguzo kwamanye amazwe.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
