UMkhonto weSizwe Party wethule ikomidi lezingxoxo zokubambisana

News

Njengoba imiphumela yokhetho lukahulumeni wasekhaya ka 2026, isisemome ukuthi iphothulwe futhi ishicilelwe. Sekucace bha ukuthi imikhandlu eminingi izophathwa nguhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukahlukene.

Iqebu loMkhonto weSizwe Party eliholwa nguPresident Jacob Zuma libe nesithangani nabezindaba eThekwini e Durban ICC, lapho kade lethula khona uhlaka nokuthi lona leliqembu liyibona kanjani imphumela yokhetho. Lithe izinkomba zikhombisa ukuthi abavoti abafunanga uuthi kube khona iqembu elilodwa elizophatha, kodwa bafuna amaqembu ahlukene abuse ngokubambisana.

Leliqembu ngomlomo ka Advocate Dali Mpofun nobefunda istatimende salo, lethule ikomidi elizobamba izingxoxo zokusebenzisa namanye amaqembu bese liletha izethulo ehhovisi likamongameli waleli qembu ukuze kuthathwe isinqumo sokugcina.

Abakhethelwe kulelikomidi ilaba: Duduzani Zuma, Tony Yengeni, Apostle Mxolisi Phakathi, Lindi Mtshali, Willis Mchunu, Advocate Dali Mpufo (SC) and Dr Thanti Mthathi. Yize lelikomidi lakhiwe angeke lathatha izinqumo kodwa liyokwenza izincomo kube ihhovisi likamengameli wo Mkhonto weSizwe Pwety eliyothatha izinqumo ezingu juqu.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry