
Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesibili kulelisonto abakwa IEC baqale uhlelo lokuvotisa abantu ababhalisele ukuvota ngokukhethekile. Lokhu kuvota ngokukhethekile kuhlukene izigaba ezimbili, okungukuhambela abantu bavotele emakhaya ikakhulukazi labo abagulayo. Olunye ilolo lokuvita kwabasebenza imisebenzi ezophoqa ukuthi ngosuku lokhetho babe semsebenzini njengamaphoyisa, amanesi amajaji, njalo njalo, laba bona bahambele izikungo ababhalise ngaphansi kwazo.
Ngokusho kuka Nksz Ntombifuthi Masinga noyisikhulu esiphezulu ku IEC KwaZulu Natili uthe loluhlelo luhambe kahle kakhulu yize abasebenzi be IEC bebe banjezelwe izimvula. Labo abakwazi ukuzihambela bakwazile ukuziyela ezikhungweni njengezintatheli zalomthombonnazo ezivote ngokukhethekile.
Sibe sesihambe izizinda zokuvota ezintathu ezisenkabeni yeTheku uma ugudla ulwandle okungu Ward 26 kumasipala omkhulu walo iTheku. Sibala izikhungo ezise Addington Primary School, 75 Dr Langalibalele Dube Street kanye nase Georgecampell. Sibesesihlangana noNkosazana Gugu Sibiya ohlala khona ku Ward 26 nongenele esokuba PR Khansela ngaphansi kweqembu le ANC, nokhombise ukukuthakasela kakhulu ukubamba iqhaza kulolukhetho.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
