
Inhlangano yabaqoqi bemfucuza i-Institute of Waste Management of South Africa ibe nomhlangano oyisiyinge sokucobelelana ngamathuba okuxhaswa ngemali kwamabhizinisi akulemboni.
Ekhuluma kulomhlangano uNksz Isabel Fetola, we-Fetola Ecosystem, uthe maningi amathuba okuthola uxhaso kulemboni, kodwa abantu abaphethe lezizimali bafuna ukuthi inkampani yakho ilandele yonke imigudu yokuthola amaphela okulandela imigomo ebe kwelwe lemboni. Uqhube wathi inhlangano yabo iyasiza kakhulu ngalokhu.
Omunye wabahamba phambili kuleli bhizinisi uMnz Chris White uthe yena waqala ibhizinisi lakhe ekhaya kwathi ngokuhamba kwesikhathi wavula elikhuku. Ukhale ngokuthi impela abantu abasha banane kulemboni yokuqoqwa kwe mfucuza wathi izikole zingadlala indima enkulu ukufundisa abantu abasha ngamathuba akhoma ekuqoqweni kwemfucuza
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
