
By Malcolm Hlongwane
Usihlalo omusha webhodi le MDDAIbhodi lenhlangano ebhekele ukuthuthukiswa kwezobuntatheli nezindaba kanye nokumeleleka okuyi Media Development and Diversity Agency (MDDA) selinosihlalo omusha noqokwe ngu Mengameli Cyri Ramaphosa.
Lona nguMnzuzane Philly Moilwa nongemusha emkhakheni wokuhola njengoba ajoyina lelibhodi njengelunga nje kusukela ngo April 2025 nalapho ayemele khona i-National Association of Broadcaster (NAB).
UMnz Moilwa uza nesipiliyoni seminyaka evile kweyishumi ekwethuleni imigomo yezokusakaza kanye nokulawulwa nokuphwathwa kwalemboni.
Ungena nje akahambi yedwa njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ephinde waqoka noMnz Collin Mashile ukuba abe kulelibhodi ukuze liphelele libe namalunga ayisithupha. Muva nje iMDDA imemezele ukuvukwa kwethuba lokuba abasembonini yezokusakaza bafake izicelo zoxhasomali ukuze benze kahle umsebenzi wabo wezokusakaza.
Lelithuba elivuliwe lokufaka izicelo lizovalwa mhlazane zingama 31 kuJulayi 2026. Kunxuswa bonke abjulemboni ukuba bathathe ithuba kusenesikhathi bafake izicelo zoxhaso.

What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
