
U-Ngqongqoshe weZokuthuthukisa uMphakathi kwaZulu Natali uNks Mbali Shinga wethule izimoto ezingamashumi ayisikhombisa nambili (72) zenana elingaphezu kwezigidi ezinga R21.69 million nezizothunyelwa kuma “District” ahlukene Ukuthengwa kwalezi zimoto kulandela uhlelo lokuqashwa koSomhlalakahle abangaphezu kwe khulu yiwona lomnyango kwephezulu.
Echaza kabanzi okaShinga uthe ngonyaka ophelile, ngo Novemba 2026, wahambela amahhovisi ahlukene ngaphansi komnango wakhe lapha KwaZulu Natali, lapha wayehamba ezwa izidingo zabasebenzi bomnyango wakhe. Lokhu wayekwenza ukuze be benze kahle umsebenzi wabo em[hakathithi okungukuletha izidingo njengomyalelo kahulumeni kubo. Kuloluhamba kwavela ukuthi ezinye zezinsiza abazidingayo abasebenzi bonyango izimoto ukuze bahambele kahle abantu emakhaya futhi bakwazi ukuyobheka amaprojects enzeka emphakathni.
Lezi zimoto ziyizinhlobo ezahlukene ezizomelana nezimo zokusebenza isibonelo nje ezindaweni zasemakhaya bazothola izimoto ezingama 4×4 ezizokwazi ukumela nemigaqo yobhuqu futhi zimelane nesimo semvula. Sesiphelile isikhathis okuthi abantu abayizisulu sodlame lwasemakhaya ukuthi balinde isikhathi eside ukuze bathle usizo ngenxa yokuthi izimoto azikho, Sesiphelile isikhathi oSomphakathi bangakwazi ukufinyele kwizihlelo abnazo emphakathini zokuwuthuthukisa ngenxa yokuthi bengenazo izimoto, kusho yena uShinga.
Endulela inkulumo ka Ngqongqoshe uMnz Onkemetse Edwin Kabasia nongene kulomnyango ngo Oktoba 1, 2925 njeinhloko yomngango uthe, bona njengomanyango ayikho imali eyengeziwe abayithole kuhulumeni omkhulu kodwa bakwazile ukuhlephula nokuthi bongekwezinye izinto ebezibekelwe imali ngahansi kwe “Axuilary Services” Ube esenxusa abasenzi balinyango ukuba baqinisekise ukuthi lezizimoto zisetshenziselwa imisebenzi kahulumenii yokuthuthukisa umphakathi. Ube esenxusa umphakathi ukuthi uma ubona lezizimoto zisentshenziswa budedengu ungananazi ukufonela inombolo yabo ebhalwe kuzo lezimoto babanike ukuze bona njengomnyango beyobagweba labo abenza okungalungile ngazo.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
