zothathela uhulumeni izinyathelo zomthetho i-SA First Forum

News

Loyo oyisikhulu esiphezulu esithatha izinqumo esisabambile (Acting CEO) kwi SA First Forum okungu Mnz Xolazi Zuma ongumyeni ka Jacinta Ngobese Zuma, we-March and March uthe lenhlangano ayiholayo izogijima ngokulandela umthetho ifake uhulumeni ezinkantolo ngokusebenzisa kabi izimali nokungenzi lokho iminyango kahulumeni ekumele ikwenze ngokusemthethweni (their mandates)

Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba ebesibizwe i-March and March ngokuhlanganyela eThekwini.

Kulesisitatimende kuvele nokuthi lezinhlangano azihambisaninokuchithwa kweezigidigidi zezimali ekuvele ukuthi i-South Africa Social Security Agency (SASSA) izikhokhele abokufika ngenkathi ibakhokhela imali yesondlo sezingane i-Child Support Grant. Enye imali eningi ichithwe ekukhokheleni abantu bangaphandle imali yokulimala emgwaqeni neyakhokhwa i-Road Accident Fund ebizwa ngokufingqiwe nge RAF.

SA First Forum izoxoxisana nohulumeni ukuthi u-Section 27 womthetho wakwa RAF ushintshwe noma uchitshiyelwe, ungabafaki abantu bangaphandle ngoba basuke beze lapha eNingizimu Afrika benawo umshwalenze wabo wasemazweni abo. Ephetha uMnz Zuma uthi “Asilwi nohulumeni njengoba lapha sisebenzisana no Ndunankulu laKwaZulu Natal uMnz Thami Ntuli kweminye imikhankaso kodwa uma bengenzi ekumele bakwenze ukusiza abavoli sizobayisa enkantolo”.

What do you feel about this post?

100%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry