Amaphosiya akhiphe umehlokaboni ka R50 000

News

Ngo Malcolm Hlongwane

Amaphoyisa KwaZulu-Natal asekhiphe umehlo kaboni wezinkulungwane ezingama R50 000 ngizoletha ulwazi olungenza kutholakale isidumbu somntwana oneminyaka emithathu Banale Mshubi owalahlela ngoZibandlela 2025, endaweni yase Marikana eKokstad, nokusolwa ukuthi wabulawa uSingababa wakhe.

Kube sekuboshwa umama wakhe oneminyaka engama 23 kanye naye uSingababa oneminyaka engama 47 nabavele kafishane enkantolo kaMarshi eKokstad.

Umama uboshelwe ukuthi waze wabika ngokulahleka kwengane ngo mhlaka 4 kuJanuwari 2026, ube esededelwa ngebheyili kodwa ubaba yena unqantshelwe ibheyili usavalelwe ezikhindini.

Ngombiko wamaphoyisa umama wabika ukuthi ingane yashaywa nguSingababa ngoba eyisola ngokulahleka kwe USB yakhe. Akwaziwa ukuthi uSingaba wasigqiba noma nasishonisaphi isidumbu sengane kungakho esekhiphe lesamba semali kulowo ozosiza kutholakale isidumbu sengane.

email: Malcolm@onenews.co.za

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry