
By Malcolm Hlongwane
Ilembe Mtelebhelo Horse Association ngokubambisana nomasipala omkhulu i-Ilembe District Municipality kanye nabanye abaxhasi abafana ne Hollywood Foundation basement umtelebhelo wamahhashi, obubanjelwe entabeni eNgcwele iKhenana. Abahleli balomtelebhelo banyuse izinga kakhulu kulonyaka, njengo imikomelo ekhishiwe ibicela ezinkulungwaneni ezingamashumi ayisishiyagalombili (R90 000).
Ngaphezu kwemikomelo ebiyenyuke kakhulu ngisho ukuhleleka kwalomcimbi kushiye isihambeli zibambe ongezantshi ngohlelo olusha oluthuthukile.
Lomajaho ubuhlukene izigaba ezinhlanu futhi nekubonakale kukhona nomuhle obuhlukile nalapho oJokhi besifazane bebeqhutha amakhizane nalapho into kabi engu Nokubonga esuka kuMnzinyathi District municipality ibashaye amakhanda ngokuphuma phambili abanye ozakwabo besifazane ebincintisana nabo
Kube nedili likamkhipheni nalapho abaculi, oDJ, osomahlaya osozimbongi bebe sina bededelana esiteji.
Lomcimbi ubuhanjelwe nawu uSekela mphathiswa womnyango wezengqalasizinda nokusebenza kuka Hulumeni (Department of Public Works and Infrastructure Development) uMnz Sihle Zikalal, nothe ngenkathi ebuzwa ngokuhambela lomcimbi wakubeka kwacaca ukuthi imidlalo enjenga lena kumele ixhaswe ngezimali ukuze ikhule izinga layo lifane naleyo eyenzeka kwezinye izindawo njengo Dundee July.
Umtwlwbhelo obe nohlonze ilowo wabesifazane nobunesoteki sika R17 000. Umtelebhelo omkhulu wosuku unqotshwe insizwa ebisuku eZululand ogama layo lingu Plaza nobegibele ihhashi uShangane. U-Plaza kubikwe ukuthi ushiye umjaho wangakubo obukhona namuhla kodwa wazongenela owakwi Lembe District Municipality nalapho ezidlele umhlanganiso kwimi jaho emininga.
U-Plaza obegcwele injabuli ebusweni ebuzwa ngokuphumelela kwakhe uthe yena ubezozigcwekela nezinye izinsizwa
email: Malcolm@onenews.co.za
